Ziningi Lezonduku
Xhosa

About The Book

<p>Ziningi Lezonduku!!! Lencwadi ikhuluma ngo Qabunga owashonelwa yingoduso yakhe yakwa Mhlongo obishini eDumbe esezogcagcelwa. Emva kwalowo mshophi waphupha ingwevu imkhombisa intombi okwakufanele imgane. Abadala bahlonza ingwevu ngokuthi ingukhokho emndenini. Iphupho lamshiya edunguza oswini uQabunga ngoba akatshelwanga ukuthi intombi ingubani? Wakwabani? Kuphi? Wehla wenyuka eyifuna waze wayithola onyakeni wesithathu.</p><p>Akubanga Lula ukukhuluma nayo ngoba yayiganisiwe umkhwenyana wayo eyiqaphe ngawokhozi. Umbandela wokuganiswa kwayo wawuthi kuzomele iqede isikole futhi ibeneminyaka eyeqile eshumini nesishiyagalombili bese yendela kumshayi wezinkomo. UQabunga wayiqomisa isinyenyela yavuma. Bavumelana ngokuthi bayokweqa mhla zingamashumi amabili nambili kuMfumfu. Abashayi bezinkomo bayithwala intombi zingamashumi amabili nanye kuMfumfu bethuswa yizigi zembangi engaqondakali.</p>
Piracy-free
Piracy-free
Assured Quality
Assured Quality
Secure Transactions
Secure Transactions
Delivery Options
Please enter pincode to check delivery time.
*COD & Shipping Charges may apply on certain items.
Review final details at checkout.
downArrow

Details


LOOKING TO PLACE A BULK ORDER?CLICK HERE